Kucishe kwaphuma isidumbu owesimame egwaza owesilisa kubangwa iselula

2017-02-17 09:30

Durban - USiyanda Ngcobo, 26, uthi ngeke akukhohlwe okwenzeka ngeSonto ethaveni esendaweni yaseCabazini eGreytown, kubika iDaily Sun.

Kuyimanje uSiyanda usekhaya uzithoba amanxeba ngemuva kokuchitha usuku esibhedlela iGreytown.

USiyanda ulimale kabi ebusweni kanye nasesifubeni ngemuva kokugwazwa ngumngani wakhe wesimame.

Usola sengathi lo mngani wakhe kudala enesikhwele ngaye kanti ubefuna ukumosha ubuso bakhe ukuze engaphinde athole injabulo nothando.

“Lawa manxeba azohlala nami impilo yami yonke futhi akekho umuntu wesimame osazongifuna nginjena. Sesineminyaka emihlanu sazana nomngani wami kodwa asikaze silwe ngale ndlela.

OLUNYE UDABA:Owesifazane ugwaze wabulala umyeni wakhe obedakiwe

USiyanda uthi yena nalo mngani wakhe bahlezi beya ethaveni kaLubi bezingcebelekele bobabili.

“Sihlezi sifika kule ndawo futhi uma sikhona uyaye aboleke umakhalekhukhwini wami ngoba ethanda ukudlala imidlalo ekhona.

“Ngomhlaka 25 kuJanuwari, wathatha umakhalekhukhwini wami wangawubuyisa nami ngakhohlwa wukuwucela. Ngosuku olulandelayo uma ngithi akawubuyise waphika wama entabeni ethi awukho kuyena,”kusho yena.

Uthi kwaphela izinsuku lo mngani engasaphenduli izingcingo zakhe kwaze kwaba wukuthi bayahlangana ngeSonto.

“Wayephuza ubhiya ngesikhathi ngimbuza ngomakhalekhukhwini wami, wavele waphihliza ibhodlela wangigwaza.”

Lo mlisa uthi ufisa ukukhohlwa wubungani babo ngoba kuyacaca ukuthi wayezenza umngani wakhe nje kanti yimpisi.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 14-18°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...