Kucelwa abazali bafundise izingane ukuthi ziyeke ukuhala

2016-11-09 14:32

Johannesburg - Abafundi besikole samabanga aphansi abangu-20 abaphuthunyiswe esibhedlela kulandela izinsolo zokudla ushevu ngoLwesithathu ekuseni kuzwakale ukuthi badle uswidi abawunikezwe yindoda engaziwa, kusho abe-ER24.

Owosizo lokuqala uRussel Meiring uthe abezimo eziphuthumayo bahlole izingane eThe Hills eGoli kwatholakala ukuthi abafundi abangu-20 bakhala ngobuhlungu bezisu, isiyezi nokuphalaza.

OLUNYE UDABA:Ishonile ingane,2, ngemuva kokuphuza ushevu

"Lezi ziguli ziqale zalashwa ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlea eSouth Rand naseBaragwanath ziyoqhubeka nokwelashwa," kusho uMeiring.

"Ngokuhamba kwesikhathi lezi zingane zibe sezitshela abosizo lokuqala ukuthi ziphiwe uswidi yindoda ezingayazi ngayizolo.

"Owe-ER24 unxusa ukuba bonke abazali ukuthi bafundise izingane zabo ukuba zingamukeli lutho kubantu ezingabazi. Zingahaleli noma yini." 

- TMG Digital

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...