Kucekelwe phansi izimoto nezitolo kubheduka udlame ngaseWits

2016-10-15 08:45

Cape Town – Amaphoyisa kudingeke ukuthi akhiphe isexwayiso sokuthi kungasondelwa eBraamfontein ngaseWits kulandela ukubheduka kodlame, izimoto zashiswa ezinye zakhandwa ngamatshe.

Kuphinde kwacekelwa phansi amabhizinisi akuleya ndawo ngoLwesihlanu ebusuku

“Ngizocela ukuthi abantu bagweme ukuya kuleya ndawo kuze kube amaphoyisa abuyisa uzinzo,” kusho okhulumela amaphoyisa uBrigadier Sally De Beer.

OLUNYE UDABA: Kuphinde kwashuba eWits

''Iveni yakwa-SABC yokusakaza yokhelwe ngomlilo yasha yaphela kwaphinde kwcekelwa phansi nendawo yobumnandi edumile i-Orbit.

“Yonke into icekeleke phansi, kubi. Kumanje bashisa izimoto zamakhasimende ethu,” kusho indoda ephendule ucingo e-Orbit.

Lezi zibhelu ziqale ngabo-22:30.

Kusolakala ukuthi zixhumene nombhikisho wabafuni oqhubekayo befuna imfundo yamahhala.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 11-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...