Lishonile iphoyisa lo mgwaqo elishayiswe yimoto kwisivimba-mgwaqo

2017-09-09 13:29

eGoli - Iphoyisa elisebenza ngaphansi kwe-JMPD libulewe kwisivimbamgwaqo eFinetown, eGoli ngoLwesihlanu.

Okhulumela amaphoyisa uWayne Minaar uthe lokhu kwenzeke ngesikhathi leli phoyisa lisebenza emgwaqeni uGolden highway.

Leli phoyisa limise imoto yohlobo lwe-Toyota Double Cab ngesikhathi leli veni liphuma emgwaqeni lishayiswe yibhasi.

Lokhu kudale ukuba leli veni liphaphalaze laqonda ngqo emaphoyiseni amathathu nasemotweni ebimile.

OLUNYE UDABA:Umshayeli wetekisi ushayise iphoyisa lomgwaqo lizama ukumvimba

Leli bhasi lime buqamama nendawo okwenzeke kuyo le nhlekelele.

Amaphoyisa amathathu aphuthunyiswe esibhedlela, kodwa elilodwa lishonele endleleni.

“Ibuhlungu into eyenzeke kuleya ndawo kanti leli yiphoyisa lesibili elishone kungakapheli izinsuku eziyisikhombisa,”kusho uMinaar.

Unxuse abashayeli ukuba baqaphele uma beshayela ngoba ubudedengu babo buzohamba buhambe buphele nya.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...