Kubulawe usomabhizinisi phambi kwendodana yakhe ena-11 ubudala

2018-02-21 18:01

Polokwane – Amaphoyisa aseLimpopo asenxuse umphakathi ukuba welekelele ngolwazi olungasiza ekutheni kutholakale ababulali bakasomabhizinisi odusthulwe ngoLwesibili ekuseni.

Le ndoda eneminyaka engu-46 ubudala, ebingumnikazi wenkampani yonogada eFlora Park, idutshulwe isemzini wayo phambi kwendodana yayo eneminyaka engu-11 ubudala kanye nomsizi wasendlini.

Ngokusho kwesitatimende esikhishwe amaphoyisa aseLimpopo, indodana kamufi ibisendleleni ebheke esikoleni ngoLwesibili ekuseni ngesikhathi ithelekelwa abasolwa abathathu abangaziwa bayivimbezela esangweni.

OLUNYE UDABA: Kubulawe iphoyisa lisemsebenzini eShowe

Badudulele le ngane endlini, baqhubeka nokuyidudula isikanye nomuntu osiza endlini baze babangenisa egumbini lokulala obekukhona kulo lo somabhizinisi.

Kuthe sebengaphakathi, ngaphandle kokukhuluma, badubula lo somabhizinisi amahlandla ambalwa. Lesi sigameko senzeke ngabo-07:10.

Okhulumela amaphoyisa aseLimpopo, uBrigadier Motlafela Mojapelo, uthe bekungakaboshwa muntu kulandela lesi sehlakalo kanti nembangela yokubulala kayaziwa okwamanje.

Amaphoyisa ayaqhubeka nophenyo kanti kucelwa ongaba nolwazi olungaba wusizo athintane noWarrant Officer Kotze kwethi - 0827448205.

- YOU

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...