Kubulawe unogada wokhulumela uMasipala waseMsunduzi

2017-11-09 07:38

Durban - Kudutshulwe kwabulawa unogada kalowo okhulumela uMasipala waseMsunduzi, uJabu Ngubo, ngoLwesithathu.

UMhlabunzima Mngoma kusolwa ukuthi ubulawe ngamadoda amabili amdubule ephindelela ngesikhathi engena emotweni ngoLwesithathu ekuseni endaweni yaseCaluza ngaphandle kwasePietermarutzburg.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele, uthe lo nogada wesikhulumi oneminyaka engu-30 ubudala ubesemotweni yakwamasipala ngesikhathi edutshulwa.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe unogada eMlazi, kwaboshwa 3 wabasolwa

"Umufi uphuthunyiswe esibhedlela enenqwaba yamanxeba okudutshulwa lapho ahlonzwe khona njengoshonile. Imbangela yesigameko iyaphenywa," kusho uMbhele.

La madoda amabili kusolwa ukuthi adubule uMngoma ngesikhathi esondela emotweni, amkhipha kuyo ngaphambi kokumdubula.

UNgubo uthe ubuhlungu kulandela ukuzwa ngalezi zindaba, nangendlela abulawe ngayo.

Okhulumela uMasipala eMsunduzi uThobeka Mafumbatha uchaze lo nogada njengomuntu obesebenza ngokuzikhandla.

"Sidabukile ngokudlula kwalo nogada obewuthanda umsebenzi wakhe, sithi dudu emndenini nabangani bomufi," kusho uMafumbatha.

 -  ANA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C More sun than clouds. Mild. Pta: 20-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...