Kubulawe umuntu esigamekweni sokudubula e-East Rand Mall

2018-04-20 16:00

Johannesburg - Kushone umuntu oyedwa esigamekweni sokudubula enxanxatheleni yezitolo i-East Rand eBoksburg namuhla (ngoLwesihlanu) ntambama.

Abazibonele isigameko bathi kulimale nabantu abambalwa kuso lesi sigameko, okukholakala ukuthi bekuphangwa kuhlonyiwe.

Kunokuphambana ngemibiko yokwenzeke endaweni yesigameko, njengoba abezimo eziphuthumayo bethi kubulawe unogada kwalimala kanzima umuntu oyedwa esitolo sobucwebe.

OLUNYE UDABA:Kutholakale indoda ishonile esigamekweni sesibili sokudubula kuthelawayeka eGoli

Omunye umbiko uthi kulimale umsolwa.

Amaphoyisa endaweni yesigameko athi kubulawe unogada nomsolwa kulesi sehlakalo.

 - TWITTER:

 - eNCA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...