Kubulawe umsolwa, kwalimala iphoyisa kwesokudubula eKyalami Mall

2017-10-31 11:00

Johannesburg - Kudutshulwe kwabulawa umsolwa oyedwa kwalimala iphoyisa ngesikhathi kudutshulwana nezigebengu ezisolwa ngokuduna ekhoneni likaKyalami eMidrand, enyakatho yeGoli, ngoLwesibili ekuseni.

Abosizo lokuqala bathi iphoyisa liphuthunyiswe esibhedlela ngendiza enophephela emhlane.

Ngokusho kwemibiko evela endaweni yesigameko, kudunwe imoto yamaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa uLungelo Dlamini utshele abomsakazo waseGoli ukuthi kulimale iphoyisa kwashona umsolwa.

Kuvalwe inxanxathela yezitolo yonke kanti amakhasimende axwayiswe ngokuthi akugweme ukuya kule ndawo.

Amaphoyisa aseqalile athungatha abasolwa futhi asafuna elinye iphoyisa.

 - Twitter:


 - eNCA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-25°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-24°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-27°C Widely scattered tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...