Kubulawe umshayeli wetekisi kuqubuka ingxabano emgwaqeni

2017-11-29 11:00

Polokwane – Kudutshulwe kwabulawa umshayeli wetekisi esigamekweni sokubambana ngamawashingi phakathi komshayeli wetekisi, obecela ulifti nomshayeli wemoto encane kuChurch Street ePolokwane ngoLwesibili, kusho uMnyango wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi esifundazweni.

Imibiko iveze ukuthi umnikazi wemoto ume eceleni komgwaqo wagibelisa umuntu obecela ulifti wabe esehlaselwa iqulu labashayeli bamatekisi, kusho umnyango esitatimendeni.

Kube sekuqubuka ingxabano kwadutshulwa kwabulawa omunye wabashayeli bamatekisi.

OLUNYE UDABA:Kubulawe umshayeli wetekisi kubangwa okhiye

UNgongqoshe uMakoma Makhurupetje, uzwakalise ukukhathazeka kwakhe kulandela isigameko wacela ukuthula.

Uthe uthemba ukuthi kuzo zombili izinhlangothi akekho ozofuna ukuziphindiselela.

"Asidedele amaphoyisa enze umsebenzi wawo awuqeqeshelwa," usho njalo.

Okwamanje akucaci ukuthi ubani odubulile, kwashona umshayeli wetekisi, kodwa amaphoyisa ayaphenya, kusho uMakhurupetje.

Ungqongqoshe uphinde wanxusa umphakathi ukuba usebenzise ezokuthutha ezifanelekile, wacacisa nokuthi osomatekisi abanalo ilungelo lokuba yiziqhwaga.

Ucele ukuba izinhlangano zamatekisi zixhumane nomnyango uma kunezinkinga ezithikameza ibhizinisi lazo ukuze zizoxazululeka ngendlale ekahle.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...