Kubulawe umnikazi weSalon yodumo e-PMB

2017-03-02 12:31

Johannesburg - Kugwazwe kwabulawa indoda enebhizinisi lokugunda abantu izinwele emakhanda eMgungundlovu ngoLwesithathu ntambama.

Ngokusho kwamaphoyisa, uPoobie Chetty ongumnikazi wendawo yokucwala izinwele, iTip Top Hair Salon, uhlaselwe ngezithuba zabo-13:30, wagwazwa amanxeba amaningi emzimbeni, kubika iPublic Eye Maritzburg.

OLUNYE UDABA: Izigebengu zaboshwa zisagunda izinwele esalon

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Mthokozisi, uqinisekise isigameko esenzeke ku-564 Church Street.

"Amaphoyisa abizelwe endaweni yesigameko sokuphanga, afika athola umufi edindilize phansi opha enamanxeba okugwazwa."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-16°C Mostly sunny. Cool. Pta: 6-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 1-10°C Sunny. Cool. Bloem: 2-12°C More clouds than sun. Cool.
Dbn: 13-16°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 11-16°C Heavy rain. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...