Kubulawe umlimi kwesokudubula eMpumalanga

2017-12-24 12:31

Pretoria– Amaphoyisa abophe amadoda amahlanu kulandela isigameko sokudubula epulazini eMooihoek, eMpumalanga esiphethe ngokushona komlimi oneminyaka engu-66 ubudala.

Amaphoyisa athe lesi sigameko senzeke ngoLwesihlanu ntambama ngemuva kokuba lo mlimi efike emzini wakhe wafica amasango evuleke gengelezi.

"Kuzwakale ukuthi uqhubekile wangena emagcekeni akwakhe wayonfgena nasendlini ngemuva kwalokho wabona amadoda amahlanu ezifihle ubuso engena endlini," kusho okhulumela amaphoyisa uBrigadier Leonard Hlathi.

Ngokwemininingwane yamaphoyisa, kube sekudutshulwana.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe abasolwa abathathu ngokubulawa kwesekela likathishanhloko

Kudutshulwe abasolwa ababili, kodwa bakwazi ukubaleka, kusho uHlathi. Umlimi ngeshwa washona.

Amaphoyisa athole abasolwa abalimele eduzane nakuleli pulazi. Abanye abathathu baboshwe ngabo ubusuku besigameko ezindaweni ezahlukene.

"Omunye umsolwa utholwe ehlathini izolo ekuseni enengxeba lokudutshulwa," kusho uHlathi.

"Amaphoyisa aphinde athola nezibhamu ebezisetshenziswa abasolwa."

Baqashwe ngamaphoyisa esibhedlela abasolwa ababili abalimale esigamekweni, kanti abathathu abagcinwe esitokisini bona bazovela eNkantolo yeMantshi yasePiet Retief ngomhlaka-27 Disemba.

ngesikhathi kuqhubeka isigameko bangeniswe esibhedlela ukzue bezothola ukwelashwa

Ukhomishana wamaphoyisa esifundazweni uLieutenant General Mondli Zuma uncome umsebenzi wamaphoyisa ngokuboshwa kwabasolwa ngokushesha.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...