Kubulawe umama kwalimala kabi ingane kwesokugqekeza eBrakpan

2017-11-18 12:34

Gauteng - Amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthungatha abasolwa ngemuvuva kokubulawa kowesimame emzini wakhe.

Lokhu kwenzeke ngasikhathi kugqekezwa emzini oseBrakpan ngoLwesihlanu ebusuku lapho kugasele amadoda amathathu ehlomile kulo muzi adubulala umama nendodana.

Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Mavela Masondo, uthe ababili abahlala kulo muzi okukholakala ukuthi wumama nendodana badutshulwe ngesikhathi behlaselwa yizigebengu.

OLUNYE UDABA:Kuphume imiphefumulo kushayisana imoto neloli eMpumalanga

UMasondo uthi umama ushonele endaweni yesigameko ngenxa yokulimala kanti indodana yona iphuthunyiswe esibhedlela ngendiza.

Akukaboshwa muntu okwamanje ngenxa yalokhu kodwa kuvulwe amacala okubulala, ukuzama ukubulala, kanye nokugqekeza.

Amaphoyisa anxusa umphakathi ukuba ulekelele ngolwazi olungaba wusizo.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Mostly sunny. Cool. Pta: 18-29°C Sunny. Warm.
Jhb: 16-26°C Mostly sunny. Warm. Bloem: 12-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 16-22°C Passing showers. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...