kubulawe udokotela, kwalinyazwa umndeni wakhe epulazini

2017-09-21 11:00

Polokwane – Ngosuku uNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula asho ngalo ukuthi sekuphelile ukuhlaselwa kwabalimi, kudutshulwe kwabulawa udokotela waseLephalale esepulazini lakhe.

UWerner Emslie nomndeni wakhe bahlaselwe ngoLwesithathu ebusuku ngezithuba zabo-19:00 epulazini eGoedehoop endaweni yase-Afguns ngabesilisa abane ebebehlomile, kubika uNetwerk.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier John Masia uthe izigebengu zidubule zabulala u-Emslie zalimaza umkakhe uMariëtte nendodakazi uBarbara.

UMariëtte, naye ongudokotela, uphinde washaywa walinyazwa kabi, kanti uphuthunyiswe esibhedlela ePitoli esesimeni esibucayi.

OLUNYE UDABA: Uyaveva umama wengane 'ebulawe' ngamabhoklolo

Ngokusho kosondelene nomndeni, uBarbara naye ulimale kahle, kodwa akekho sesimeni esibucayi njengonina.

Izigebengu zibaleke ngemoto kaMariëtte, etholakale ngokuhamba kwesikhathi ishiywe eduze kwepulazi.

UMasia uthe bekungakaboshwa muntu kanti nembangela yokuhlasela ibingakaziwa kodwa amaphoyisa ayaphenya. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...