Kubulawe owosizo lokuqala ngasesibhedlela e-KZN

2017-06-28 19:32

Durban - Kushone isisebenzi sabezimo eziphuthumayo i-Emergency Medical Services (EMS) ngemuva kokudutshulwa sibulawe ngesikhathi siphuma emsebenzini eMgungundlovu ngempelasonto.

USibusizo Mthethwa, 36, udutshulwe abantu abangaziwa eduzane nasesangweni lesibhedlela i-Edendale ngoLwesihlanu ebusuku. Ushonele esibhedlela ekuseni.

UMthethwa ubesebenzela i-EMS elokishini iMbali.

OLUNYE UDABA: Olimale engozini ugwaze owosizo lokuqala ePMB

UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongiseni Dhlomo udlulise amazwi enduduzo emndenini wesisulu.

"Sishaqeke kakhulu ngalesi sigameko. Kuyakhathaza ukuthi impilo yomuntu isiyashibha kangaka, ubugebengu sebuvele benziwe nje, akuselona ihlazo ukubulala umuntu, kepha sekuyinto elula nje."

UMthethwa kulindeleke ukuba afihlwe ngeSonto eNquthu. Ushiye unkosikazi nezingane ezinhlanu.


 - African News Agency

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-27°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...