Kubulawe ne-bodyguard kasopolitiki kwesokudubula eKZN

2017-09-23 14:17

Durban – Unogada womunye wosopolitiki baKwaZulu-Natal ungomunye wabantu abadutshulwe babulawa ethaveni elokishini laseMpumalanga ngaphandle kwaseThekwini ngempelasonto edlule.

Owesilisa kanye nabanye abantu ababili, okubalwa kubona nomfundi oneminyaka engu-16 ubudala obefunda u-grade, bashonele endaweni yesigameko.

NgoLwesihlanu, uNgqongqoshe wezokuphepha komphakathi KwaZulu-Natal, uMxolisi Kaunda, uhambele indawo yesigameko njengengxenye yokuthola ukuthi kwenzekani kule ndawo aphinde akhulume namaphoyisa ngodlame oluqhubekayo endaweni.

OLUNYE UDABA: Abafundi belashelwe ukudla amakhekhe 'anobuthi'

"Esikutholayo okwamanje wukuthi kunokukhathazeka mayelana nodlame oluphakathi kososeshini ababili endaweni,” kusho okhulumela uKaunda, uKwanele Ncalane.

UNcalane uthe akucaci ukuthi ngabe lesi sigameko sihlobene yini nodlame lwamatekisi noma ukubulala okuhambisana nepolitiki okuqhubekayo esifundazweni, kodwa wathi kuyaphenywa.

"Asifuni ukuqagula ukuthi ngabe lokhu kuhlobene yini nepolitiki, asifuni ukuqagula,” kusho uNcalane.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-30°C High level clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...