Kubulawe izithandani esezikhulile

2017-01-14 11:02

Cape Town – Kubulawe izithandani esezikhulile epulazini lazo elincane eWestonaria, eGauteng, ngokusho kwamaphoyisa ngoMgqibelo.

Izisebenzi zaseJachtfontein zithole izidumbu zezithathndani, ezineminyaka engu-70 ubudala, ngezithuba zabo-15:30 ngoLwesihlanu, kusho amaphoyisa eSAPS ekhasini lawo likaFacebook.

Isisulu sesifazane besinokukhubazeka emlenzeni.

OLUNYE UDABA: Usesimeni esibucayi ochithwe yisithuthuthu

"Kuthiwa izisebenzi izolo bekumele ziholelwe, ngakho kungenzeka ukuba zibulawe kubanjwa inkunzi,” kusho amaphoyisa.

Okwamanje bekungakaziwa ukuthi yini eyebiwe.

Bekungakaboshwa muntu kodwa uphenyo luyaqhubeka.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...