Kubulawe izaguga ngembazo emzini wazo

2017-11-06 18:02

Port Elizabeth – Izithandani esezikhulile zibulawe ngembazo emzini wazo oseSummerstrand ePort Elizabeth esigamekweni okuthiwa senzeke ngeSonto ebusuku noma ngoMsombuluko ekuseni.

Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Alwin Labans uthe izidumbu zika-Andre noLydia Saaiman zitholwe ngumuntu obezosebenza kulo muzi okuScott Street.

ULabans uthe owesilisa ube esefonela indodakazi yezisulu, efike endlini ihamba nomyeni wayo, bafonela amaphoyisa. 

"Amaphoyisa akhahlele esinye sezicabha, athola umyeni nomkakhe beboshelwe egumbini lokufunda, benamanxeba ekhanda,” kusho uLabans.

OLUNYE UDABA: Izakhamuzi zijabulele ukubulawa 'kwesigebengu'

ULabans uthe kutholakale imbazo eceleni kwezidumbu. Izinto endlini bezisakazeke phansi.

ULabans uthe izithandani bezigcine ukubonakala ntambama ngoMgqibelo, zibonwa ngabafundi abaqashe endlini engemuva.

Uthe amaphoyisa asabhekisisa ama-video aqoshwe amakhamera, okuyiwona angasiza ngophenyo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...