Kubulawe isalukazi ngesihluku eKZN

2016-06-17 20:31

Ladysmith - Isisemenzi sasendlini sithole ubasi waso oyisalukazi eseyisidumbu ngoLwesihlanu ekuseni kuGumtree Road, eSmartiesville.

Lesi saguga esaziwa ngelikaZarina Moolla sitholwe sinamanxeba amaningi okugwazwa embhedeni waso.

OLUNYE UDABA:  Kutholwe isidumbu sentombazane sigoqwe ngeyokulala emgwaqeni

Ngokusho komakhelwane uMoolla ugcine ukubonakala ngezithuba zabo-20:00 izolo konke kubukeka kuhamba kahle.

Abaseshi namaphoyisa baseshe indlu yonke befuna ukuthola ukuthi kwenzekeni.

Akukho okuthathiwe endlini yalesi saguga.

Lesi salukazi sifihlwe namuhla, kubika iLadysmithgazette.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...