Kubulawe iphoyisa ngaphandle wendawo yokucima ukoma

2017-10-01 08:37

Johannesburg – Iphoyisa ligwazwe lashona ezintatha zangoMgqibelo endaweni yokucima ukoma eseRoodepoort, eGoli, kusho amaphoyisa aseGauteng.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Mathapelo Peters utshele iNews24 ukuthi leli phoyisa kusolakala ukuthi limiswe ngumnikazi wale ndawo yokucima ukoma, lihamba nozakwabo, efuna usizo ngamakhasinde abengafuni ukuhamba yize bese kuyisikhathi sokuvala.

“Kuthiwa isixuku sivele sajikela iphoyisa, kwaphetha ngokuthi leli phoyisa ligcine seligwazwa emzimbeni, laphucwa nesibhamu. Libe selihlonzwa njengelishonile khona endaweni yesigameko,” kusho uPeters esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: Kubulawe 'iphoyisa' elisolwa ngokubulala obhejane

UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni, uLieutenant General Deliwe de Lange, unxuse ababonile kwenzeka lesi sigameko ukuba baphumele obala.

Amaphoyisa aqalise uphenyo kanti kumanje aphansi phezulu athungatha abasolwa.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...