Kubulawe iphoyisa lisemsebenzini eShowe

2017-11-17 11:02

Durban - Lowo oyibamba likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa, ukugxekile ukubulawa kwephoyisa okwenzeke eMbongolwane, ngaseShowe.

“Lokhu akwamukelekile neze futhi ngeke siphumule kuze kube abenzi bokubi bayaboshwa. Senginxuse uphiko olusebenza ngobugebengu obuhleliwe esifundazweni ukuba buphenye leli cala," kusho uLanga esitatimendeni.

Uqhube ngokudlulisa amazwi enduduzo emndenini, kubangani kanye nabebesebenza naleli phoyisa.

"Ngithanda ukudlisa ukudabuka kwami ngokudlula emhlabeni kukaConstable Mavundla oshone njengeqhawe evikela umphakathi abewusebenzela.

"Nginxusa amalungu omphakathi ukuba asize amaphoyisa ngophenyo ngokuhlinzeka ngolwazi olungase lube wusizo ekutheni kuboshwe abasolwa," kusho uLanga.

OLUNYE UDABA: Litholakale limanxebanxeba iphoyisa eligwazwe lalaxazwa eceleni komgwaqo

UConstable Jabulani Mavundla, obesebenzela esiteshini samaphoyisa esiseMbongolwane, wayesemsebenzini ngesikhathi yena nozakwabo bethola isikhalazo ngesigameko sokuphanga, base benikela eMaqhogo, ngomhlaka-15 Novemba.

"Kwathi sebebuyela esiteshini bahlaselwa yizigebengu ezavulela ngenhlamvu zibhekise ngakubo, kwashayeka uMavundla waphunyukwa yimoto, yase ishayisa isihlahla," kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane.

Uthi uMavundla washonela endaweni yesehlakalo kwathi uzakwabo waphuthunyiswa esibhedlela.

"Izigebengu zeba isibhamu somsebenzi sikaMavundla nesinye ngaphambi kokubaleka," esho.

Uthe kuphenywa icala lokubulala, ukuzama ukubulala nelokugebenga.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 13-21°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-24°C Tstorms early. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...