Kubulawe iphoyisa esitolo esidayisa u-Ice Cream

2017-12-22 18:00

Port Elizabeth - Kudutshulwe kwabulawa iphoyisa kwalimala elinye ngesikhathi ephuthume lapho obekukhala khona i-alamu esitolo esidayisa u-Ice Cream kuPetterson Road, eNorth End, ngoLwesine ebusuku.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Sandra Janse van Rensburg uthe i-alamu ikhale ngemuva kwezithuba zabo-23:00 ngoLwesine ngemuva kokuba onogada ababili bevinjezelwe ngamadoda amabili abehlome ngesibhamu.

Ngesikhathi la madoda ekhuluma nonogada eyodwa yawo icindezele i-alamu ngephutha, kwafika unsumpa wonogada endaweni yeisgameko.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe iphoyisa ebelihloma abasolwa ngemibuzo

Unsumpa ufike ngaphambi kwamaphoyisa, wakhonjwa ngesibhamu wayovalelwa egumbini lonogada kanye nomunye.

Ngesikhathi kufika amaphoyisa, la madoda aphoqe unsumpa ukuba ayoxosha amaphoyisa.

"Ngesikhathi unsumpa ekhuluma namaphoyisa, kuphume abasolwa bavulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni amabili," kusho uJanse van Rensburg.

Uthe kube sekudubuleka uConstable Caroline Mjandana, 38, washona kwathi uSergeant Anele France, 43, wadubuleka endlebeni.

UJanse van Rensburg uthe izibhamu zamaphoyisa zithathwe ngabasolwa ngaphambi kokuba babaleke. Uthe uFrance ungeniswe esibhedlela kanti usesimeni esikahle.

UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLieutenant-General Liziwe Ntshinga ugxeke isigameko.

"Sithi dudu emndenini kaConstable Mjandana siphinde sifisele nozakwethu omunye ukululama okusheshayo."

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-25°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-24°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-27°C Widely scattered tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...