Kubulawe indodana, kwalimala umama kwesokuphanga endlini

2018-02-08 19:23

Durban – Owesilisa oneminyaka elinganiselwa ko-30 ubudala udutshulwe wabulawa, esigamekweni sokuphanga esenzeke e-Edenvale, ngoLwesithathu ebusuku, kwathi unina osekhulile wadubuleka emilenzeni.

Ngokusho kokhulumela iNetcare 911, baphuthume endaweni yesigameko ngemuva kokuthola imibiko ngesigameko sokudubula ku-Fifth Avenue, e-Edenvale, eGauteng, ngezithuba zabo-20:30.

"Imibiko endaweni yesigameko ikhomba ukuthi kubenokuqhuma kwesibhamu amahlandla amaningi ‘kuphangwa',” kusho uTebogo Magoro okhulumela iNetcare 911.

OLUNYE UDABA: Ukuba indodana yami eyadubula uSenzo ngangizoyibophisa - Twala

UMagoro uthi abosizo lokuqala bakwa-Netcare 911 nabakwezinye izinkampani, onodaba kanye namaphoyisa bebesendaweni yesigameko.

"Owesilisa, oneminyaka eko-30 ubudala, ubenamanxeba amaningi okudutshulwa kanti abosizo lokuqala bazamile ukuhlenga impilo yakhe, kodwa ngenxa yokuthi ubelimele kakhulu, ushonele khona lapho.

"Unina wesisulu oneminyaka engu-73 ubudala udutshulwe emilenzeni yombili, kanti yena ube esengeniswe esibhedlela.”

- Post

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...