Kubulawe indoda kwalimala umfana, 3, kwesokudubula eGoli

2018-04-12 14:01

Johannesburg - Kubulawe indoda kwalimala ingane uyomfana eneminyaka engu-3 ubudala esigamekweni sokudubula emzini ose-Ivory Park eduzane naseThembisa ngoLwesine ekuseni.

Isidumnu sale ndoda, kukholakala ukuthi ineminyaka ebalelwe kweko-40 ubudala, sitholwe sidindilize emotweni ngaphandle komuzi okuMoagi Street.

URussel Meiring we-ER24, uthe le ndoda ithole amanxeba amabi okudutshulwa yashona.

"Ngeshwa, akukho obekusengenziwa ukuyihlenga yahlonzwa njengesonile khona endaweni yesigameko. Abosizo lokuqala baholelwe komunye umuzi lapho abafice khona esinye isiguli. Kube sekuhlolwa umfana, 3, obenenxeba lokudutshulwa emlenzeni. Lo mfana ulashelwe kulo muzi ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela esiseduzane."

Lo mfanyana uthola ukwelashwa esibhedlela.

 -EWN

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...