Kubulawe ebebedubulana namaphoyisa eNanda

2017-10-06 09:31

Durban – Abasolwa ababili babulwe ngemuva kokudubulana namaphoyisa eNanda, enyakatho yeTheku, kusho amaphoyisa ngoLwesine.

UCaptain Nqobile Gwala uthe abasolwa bebefuneka ngecala lokudunwa kwemoto nelokuzama ukubulala elenzeke ngoLwesithathu ebusuku.

UGwala uthi abasolwa bebedubule balimaza abesilisa ababili kuHarbottle Road e-Overport, eThekwini, ngaphambi kokuba bathathe imoto yabo yohlobo lwe-BMW. Isigameko senzeke ngabo-18:30 ngoLwesithathu.

"Izisulu ezimbili ebezilimele ziphuthunyiswe esibhedlela ukuze zithole ukwelashwa. Kuvulwe amacala okuzama ukubulala nelokudunwa kwemoto esiteshini samaphoyisa eMayville,” kusho amaphoyisa.

OLUNYE UDABA: Kusolwa nolwamalobolo ngokuqothwa komndeni eKZN

Ngabo-19:30, ithimba lamaphoyisa eNanda libone imoto esolisayo eNanda.

"Amaphoyisa ayijahile, abasolwa bavele bavulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni. Amaphoyisa nawo aphindisele ngenhlamvu, kwashona abasolwa ababili.

“Owesilisa oneminyaka engu-21 ubudala ukwazile ukubaleka ngonyawo endaweni yesegameko kodwa wabanjwa emtholampilo waKwaMashu ngokuhamba kwesikhathi. Ngokuhamba kwesikhathi uyiswe esibhedlela nokuyilapho egadwe khona ngamaphoyisa,” kusho uGewala.

Imoto ebiduniwe eHarbottle Road itholakale.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...