Kubulawe abasolwa ababili abadune itekisi eNanda

2017-12-17 14:31

eThekwini - Kuthiwa ngoMgqibelo ekuseni ngo-11:30 owesilisa, 27, ubehamba ngetekisi lohlobo lwe-Toyota Quantum  eNanda Newtown C, ngesikhathi edunwa ngabasolwa abahlanu abebehlomile.

Amaphoyisa aseNanda alusukumele ngokushesha lolu daba ngemuva kokuzwa ukuthi abasolwa bebelibangise esigcemeni sakwa-L kwaMashu.

Ngesikahthi amaphoyisa ezama ukumisa laba basolwa bavulele ngenhlamvu bebhekise kuwo. Kudutshulwe kwabulwa abasolwa ababili abaneminyaka engu-20 no-25 ubudala.

Abasolwa abathathu bakwazile ukubaleka ngesinyawo kanti amaphoyosa asabathungatha. Isisulu esidunelwe imoto silimalile kulesi sigameko kanti siphuthunyiswe esibhedlela.

Kutholakale isibhamu sohlobo lwe-9mm kulaba abashonile.

Kuvulwe amacala okuzama ukubulala, ukuduna kanye nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

OLUNYE UDABA:Indida owesilisa eshona eqeda kuwasha imoto yakhe eVerulam

Kwesinye isigameko, ngoLwehlanu mhlaka 15 kwephezylu ebusuku ngo-23h40 amaphoyisa asePietermaritzburg abone imoto esiliva ngokombala yohlobo lwe VW Golf okubikwe ukuthi idunwe imini ngalolo suku.

Le moto ibonakale ihamba kuthela wayeka u-N3, amaphoyisa abejaha le moto elekelelwe wuphiko lwe-K9 kanye nabePMB Highway Patrol yaze yavinjwa.

"Bekunabasolwa ababili kule moto, kanti bazamile ukubaleka ngesikhathi bevinjwa badubula bebhekise emaphoyiseni nokuyilapho kudutshulwe kwabuwala umsolwa oyedwa, kwaboshwa oyedwa, 35, etholakala nesibhamu esingekho emthethweni," kusho uKaputeni uNqobile Gwala okhulumela amaphoyisa.

Kuthiwa le moto idunelwe owesilisa ehamba edolobheni. Ngesikhathi ethathelwa imoto, lomlisa ubehamba nomngani wakhe kanti abasolwa babathathele imoto babagebenga futhi bagwaza umngani ehlombe.

Lo msolwa uzovela enkantolo kaMantshi ePietermaritzburg kungekudala.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...