Kubulawe abantu abayishumi elokishini elidume ngokubulawa kwabantu

2017-09-30 09:00

Cape Town – Kudutshulwe kwabulawa abantu abayishumi endaweni yaseMarikana, eNyanga eKapa ngoLwesihlanu ebusuku, kusho amaphoyisa.

Owesilisa kanye nowesifazane baphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokulimala kudutshulwa.

“Kusolakala ukuthi esigamekweni sokuqala abasolwa abangaziwa bavulele ngenhlamvu eshibhini kwashona abantu abane.

“Kwesesibili, kudutshulwe kwashona abantu abathathu emjondolo, noyedwa obengaphandle,” kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain FC van Wyk.

OLUNYE UDABA: Uzohlolwa ingqondo umfundi obephethe isibhamu esikoleni

“Buqamama nalapho, kutholakale ezinye izidumbu ezimbili zidindilize phakathi kwemijondolo,” kusho uVan Wyk esitatimendeni.

UVan Wyk utshele iNews24 ukuthi amaphoyisa abesendaweni yesigameko kulandela lokhu kubulawa kwabantu.

NgoLwesibili ebusuku, bayisikhombisa abantu ababulawa eNyanga.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...