Kubulawe abantu abathathu kwesokudubula erenki yamatekisi

2018-03-30 14:07

Kubulawe abantu abathathu kwathi ababili balimala esigamekweni sokudubula esenzeke erenki yamatekisi eseJoubert Park, kusho amaphoyisa aseGauteng ngoLwesihlanu.

Owesilisa ongaziwa utheleke kule renki ekuWanderers Street ngezithuba zabo-22:00 ngoLwesine waqala wadubula efayela, kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Mavela Masondo etshela iNews24.

Kushone abantu abathathu, ababili kubona abahlonzwe njengosomatekisi, ngesikhathi bedutshulwa.

OLUNYE UDABA: Kushone ababili kwalimala 9 kwesokudubula erenki yamatekisi

Umuntu wesithathu ubengakahlonzwa.

Abanye ababili bathole ukulimala kulesi sehlakalo.

Omunye walaba abalimele ungumshayeli wetekisi kanti omunye obedayisa emgwaqeni.

Ushayasibhamu kuthiwa ube esedla phansi ngonyawo ngemuva kwalesi sigameko.

Amaphoyisa athi kunophenyo oluqhubekayo kulandela lesi sehlakalo.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...