Kubulawe abantu abane eMlazi oshayasibhamu bevulela ngenhlamvu

2017-02-25 14:59

Durban - Amaphoyisa aKwaZulu-Natala aphenya isigameko sokubulawa kwabantu abane elokishini eMlazi, ngoLwesihlanu ebusuku.

Kubikwa ukuthi amadoda amathathu agasele endaweni yokucima ukoma aphuca abantu abebephakathi omakhalekhukhwini nemali ase evulela ngenhlamvu, ngenhlanhla akushonanga muntu, kubika i-eNCA.

Kuthiwa lezi zigebengu zibe sezidlulela komunye umuzi okhona kuleli lokishi esigcemeni sakwa-G zangena nezicabha zavulela ngenhlamvu, kwashona amadoda amabili, umama wekhaya kanye nendodakazi.

Enye indodakazi yakulo muzi babe sebeyayidlwengula.

“Ejoyintini kudutshulwe abantu abebephakathi ababalelwa kwabayisishiyagalombili. Emzini wakwaMzila abantu abathathu bashonele endaweni yesigameko, kwathi oyedwa waphelela endleleni eya esibhedlela,” kusho uNgqongqoshe wezeNhlakahle esifundazweni, uWeziwe Thusi.

OLUNYE UDABA: Kutholakale iwunga kwesokubulawa kwabantu e-KZN

“Kube sekudutshulwa umsolwa oyedwa washonela endaweni yesigameko ngemuva kwezinsolo ezithi udubule kuqala ebhekise emaphoyiseni, kanti laba abanye ababili bakwazile ukubaleka,” esho.

UThusi uthe bahambele umndeni, kanti namanje usakhungathekile.

“Bakhungathekile kakhulu, izigameko ezifuze lesi azamukelekile neze emphakathini esiphila kuwo,” esho.

Okwamanje akucaci ukuthi lesi sigameko besimayelana nani.

Kubikwa ukuthi amaphoyisa asezithendeni zabasolwa.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 6-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Cool. Bloem: -1-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-20°C Afternoon clouds. Cool. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...