Kubulawe abahlanu kuphangwa e-KZN

2017-11-18 11:30

Johannesburg - Kudutshulwe kwabulawa abantu abahlanu ngaphandle kwasesitolo esiselokishini iDlangezwe eduzane najsenyuvesi i-University of Zululand ogwini olugudla enyakatho yeKwaZulu-Natal.

Absolwa abangaziwa bavulele ngenhlamvu kumakhasimende ngoLwesihlanu ebusuku.

Omunye umuntu udutshulwe wabulawa ngesikhathi ezihlalele emotweni eziphuzela isiphuzo sakhe. Kubulawe nonogada ababili.

OLUNYE UDABA:Kubulawe 5 wabantu emjondolo e-Eastern Cape

Abasolwa bathathe isamba semali esingadaluliwe kulesi sitolo. Abanikazi besitolo ababili abadabuka eSomalia bona abazange balimale.

Bekungakaboshwa muntu.

UBheki Mbokazi ongumfowabo womunye wezisulu uthe babuhlungu ngalesi sigameko sokuhlasela.

"Sibuhlungu kakhulu ngoba izinto eziningi bezenziwa nguye emndenini kanti futhi mina ngingumagcina. Ngisho noma ngifuna ukwelulekwa bengiya kuye, kodwa manje ngisele ngedwa futhi angazi ngenzenjani."

IMeya yaseMhlathuze uMduduzi Mhlongo kumthusile okwenzekile.

"Sishaqekile siwumphakathi ngezinga lezigameko zobugebengu eliqhubekayo. Sisebenisana namaphoyisa sizama ukusiza ukuze lowo onolwazi ngesigameko akwazi ukusiza kuboshwe lezi zigilamkhuba.

"Kubulawe abantu abahlanu kwaphuthunyiswa esibhedlela abathathu abathole ukulimala.Ayikaze yenzeke into efana nale ngaphambilini."








- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...