Kubulawe 6 wabantu kwesokudubula e-KZN

2017-10-04 12:30

Durban - Kubulawe abantu abangu-6 esigamekweni sokudubula endaweni eseMatimatolo maphakathi neKwaZulu-Natal ngoLwesibili ebusuku.

Okhulumela amaphoyisa, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuqhume inganono endaweni yaseMbangweni ngaphambi kokuba kushiswe orawondi ababili.

"Amalungu omphakathi aphumile eyobheka abona kusha umuzi, amalungu omndeni engaphakathi," usho njalo.

OLUNYE UDABA:Kuhlaselwe kwabulawa umndeni ngovivi

"Kwenziwe imizamo yokuwuhlenga umndeni kodwa ngeshwa umlilo ubusumkhulu kakhulu, ungasalawuleki. Amalungu omndeni amahlanu ashonele endaweni yesigameko."

Uthe umphakathi obushaqekile ube usubona kusha omunye futhi urawondi oqhule ngamamitha angu-100 nalo wokuqala.

"Amalungu omphakathi akwazile ukuhlenga izingane ezintathu, ezithole amanxeba okusha kodwa ngeshwa owesifazane, 58, washonela endaweni yesigameko."

UGwala uthe lo wesifazane ubenenxeba lokudutshulwa namanxeba okusha.

Imbangela yokuhlasela ayaziwa.

 - SowetnaLive

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...