Kuboshwe unogada wesikole ngezinsolo zokunukubeza omuntuza abangu-54

2017-10-11 12:31

Johannesburg – Kulindeleke ukuba avele enkantolo ngoLwesithathu unogada wesikole samabanga aphansi esiseSoweto ngezinsolo zokunukubeza ngokocansi amantombazanyana angu-54 kulesi sikole.

Lokhu kuvezwe wuMnyango wezeMfundo ngesitatimende.

Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yaseProtea namhlanje ntambama.

OLUNYE UDABA: Uzovela maduze uthisha osolwa ngokunukubeza ngokocansi abafundi abangu-20

Okhulumela uMnyango eGauteng, uSteve Mabona, uthe le ndoda ikhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngoLwesibili ngemuva kokuthi abafundi ababili beyivulele icala.

La bafaundi benza uGrade 2 noGrade 6 kulesi sikole.

"Kusukela kuvulwe leli cala, kuthe uma kukhulunywa nabantwana kwatholakala ukuthi kunezinsolo zokuthi le ndoda inukubeze abangu-54 kulesi sikole," kusho uMabona.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...