Kuboshwe umyeni womhlengikazi owatholakala edindilizile ku-N3

2016-04-24 13:35

Pietermaritzburg –Amaphoyisa abophe umyeni womhlengikazi oneminyaka engu-46 ubudala otholakale edindilizile emzini wakhe, kubika iNewswatch.

Lo mhlengikazi udutshulwe eNaperville kanti abasizo oluphuthumayo bamfice eseshonile.

OLUNYE UDABA:Usenkantolo oshaya umyeni omncisha ucansi

Okhulumela amaphoyisa uThulani Zwane uthe lo mhlengikazi ubesanda kufika ekhaya ebuya emsebenzini futhi esagqoke nenyunifomu yakhe.

"Kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa ePietermaritzburg futhi uphenyo lusaqhubeka. Uma sesinobufakazi obanele, sizombeka icala lokubulala nokuyilapho azovela khona enkantolo kaMantshi umyeni wakhe,”kusho uZwane.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-26°C Numerous showers. Cloudy. Warm.
Jhb: 17-22°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 23-27°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C a few showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...