Kuboshwe umsolwa ngokubulawa kwephoyisa eFolweni

2017-03-24 11:01

Durban – Umsolwa oneminyaka engu-29 ubudala sezimkhalele ngezinsolo zokubulala iphoyisa kanye nokulibamba inkunzi isibhamu salo somsebenzi eFolweni, eningizimu neTheku, kusho oKlebe KwaZulu-Natal ngoLwesihlanu.

Lo msolwa uvele eNkantolo yeMatshi yaseNsimbini ngoLwesine ngecala lokubulala kanye nokubamba inkunzi uConstable Joseph Mondli Chiliza, 38, ngomhlaka-28 kuFebhuwari.

Ugcinwe esitokisini kanti icala lakhe lihlehliselwe umhlaka-30 kuMashi ukuze afake isicelo sebheyili.

OLUNYE UDABA: Umama udlwengulwe amahora amane etekisini, phambi kwendodana yakhe

Waboshwa ngoLwesithathu endaweni ahlala kuyona wuphiko loKlebe ngokubambisana namaphoyisa aseKing Shaka International Airport, nokuyilapho uChiliza ebesebenzela khona, kusho uCaptain Simphiwe Mhlongo.

UChiliza wayesendleleni eya emsebenzini ngezikhathi zabo-04:00 ngesikhathi ebulawa. Ngesikhathi esendleleni ebheke esitobhini sebhasi, wabanjwa ngendluzula abasolwa abangaziwa base beyamdubula.

Wathola amanxeba okudutshulwa ekhanda, emqaleni kanye nasesifubeni. Isidumbu sakhe satholwa umuntu owayezidlulela silahlwe eduze nomgwaqo oseduze nesitobhi ayeyogibela kusona.

Ngaphambilini amaphoyisa athi kunomunye umsolwa oneminyaka engu-22 ubudala owaboshwa mayelana nokubulawa kukaChiliza kodwa uMhlongo utshele iNews24 ukuthi munye kuphela umsolwa osabekwe icala ngokubulawa kanye nokubanjwa inkunzi kukaChiliza. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-14°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-16°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-17°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...