Kuboshwe umshayeli wetekisi obethwele izingane zesikole ezingu-39, edakiwe

2018-01-19 09:34

Port Elizabeth – Amaphoyisa kaMasipala waseNelson Mandela Bay (NMB) abophe abesilisa abathathu ebebephethe uqhwasha kanye nomshayeli wetekisi obedakiwe, engaphathe ngisho nezincwadi zokushayela.

Ngokwesitatimende, amaphoyisa abegade lapho kuthathwa khona izingane zesikole ngenhloso yokugwema ukulayisha ngokweqile ngesikhathi ethola umbiko ngabafana abathathu ebebebamba inkunzi izingane zesikole phakathi komgwaqo uNooitgedacht noWilliam Slammert.

“Kuthe ngemuva kophenyo, abopha abasolwa abathathu, abaneminyaka engu-18, 19 nengu-24 ubudala, bephethe uqhwasha,” kusho isikhulu samaphoyisa kamasipala uYolande Faro. 

Umsolwa oneminyaka engu-19 nalowo oneminyaka engu-24 ubudala bayiswe esiteshini samaphoyisa eGelvandale kanti owesithathu yena uyiswe eStepping Stones Rehabilitation Centre.

OLUNYE UDABA: Isimanga umufi ebeletha ingane esebhokisini

Kwesinye isigameko, amaphoyisa kamasipala abone itekisi igcwele ngokweqile ihamba ngendlela engaqondakali ku-Uitenhage Road ngakuMati Road.

Ngesikhathi eyimisa, kutholakale ukuthi ibigcwele izingane ezingu-39 phakathi.

“Oonke amathayi ayo ‘abeyizimpadla’ futhi ubengenazo nezincwadi zokushayela noma imvume yokuba semgwaqeni.

“Ngesikhathi ecelwa ukuba afuthe kwi-breathalyser kutholakale ukuthi izinga lomtshwala kuyena lingu-1.24, nokusho ukuthi lingaphezu kwelivumelekile,” kusho uWarren Prins, ongumqondisi kwezemigwaqo namalayisensi.

Imoto iboshiwe kanjalo nomshayeli.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...