Kuboshwe umshayeli wetekisi ngelokubulala

2016-07-07 16:02

Alexandra - Inkantolo kaMantshi e-Alexandra inikeze umshayeli wetekisi ibheyili kaR5000, kubika iMidrand Reporter.

Lo mshayeli usolwa ngokubulala nokuzama ukubulala abashayeli benye inhlangano yamatekisi, kanti icala lakhe lihlehliselwa umhlaka 14 kwephezulu.

Lo msolwa okuthiwa wadubula izisulu ngomhlaka 19 ku-Ephreli ngakwinxanxathela yezitolo eMall of Afrika.

OLUNYE UDABA:'Umphrofethi wathi uzongiqashele 'inkabi' ezongibulala'

Kuthiwa lo msolwa waqale wabonakala ehleli emotweni eyayihamba kancane eduze kwalaba bantu maqede yadlula ngesivinini.

Lo solwa kuthiwa wabonakala esebuya ngezinyawo ephethe isibhamu ngesandla ehamba nabanye abantu abathathu. Wavulela ngenhlamvu  wadubula umshayeli oyedwa kwalimala nabanye abantu abahlanu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Mild. Bloem: -4-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...