Kuboshwe umshayeli weloli ngokuzama ukushushumbisa amadayimane

2016-09-28 10:01

Musina – Kuboshwe  umshayeli weloli emngceleni waseBeitbridge ngezinsolo zokuzama ukushushumbisa amadayimane nedolide, wabesezama ukugwazela iphoyisa, kusho amaphoyisa aseLimpopo ngoLwesibili.

Esinye sezikhulu emngceleni siyalele umlisa oneminyaka engu-45 ubudala ukuba ayise iloli lapho lizobhekwa khona ngemishini ukuthi linani phakathi, kodwa wangafuna, kusho uColonel Moatshe Ngoepe.

Umshayeli kuthiwa ubesenikeza isikhulu u-R200 ukuze iloli lingeke libhekwe ukuthi linani phakathi.

Funda nalolu daba: Ugixabezwe ngodilikajele owabulala abashana

Ligcine libhekiwe, ngemuva kokutholakala kwempahla angayidalulanga, kube sekuseshwa ngezandla, umshayeli waphinde wafuna ukugwazela ngo-R800.

Kutholakale amadayimane nedolide kugoqwe nge-tape,kwafihlwa ngamathishu.

Ubeseboshwa umsolwa kanti kulindeleke avele eNkantolo yeMantshi yaseMusina maduzane.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 9-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 17-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...