Kuboshwe umlimi 'ngokubulala' emngcwabeni

2018-01-01 13:05

Pietermaritzburg – Kuboshwe umlimi ngezinsolo zokudubula obesemngcwabeni epulazini lakhe eCramond eMgungundlovu, kusho amaphoyisa ngoMsombuluko.

"Isigameko esenzeke ngoMgqibelo ngabo-13:00… umlimi oneminyaka engu-66 ubudala ufike wacela abantu ebebesemngcwabeni ukuba abahambe,” kusho uCaptain Nqobile Gwala ngesigameko esenzeke epulazini elise-Otto’s Bluff.

"Ngesikhathi elinye lamalungu omndeni lizama ukungenelela, umlimi ukhiphe isibhamu sakhe ‘wadubula’ owesilisa." 

Isisulu, 42, silimale emzimbeni, sashonela endaweni yesigameko.

OLUNYE UDABA: Kushone owesilisa kuketuka isikebhe

Ngemuva kwesigameko, umlimi ubalekile endaweni ngemoto yakhe. Kodwa amaphoyisa akwazi ukumbamba ambopha.

Utholakale nezibhamu ezimbili, esohlobo lwe-9mm kanye nesethoyizi.

Kulindeleke avele enkantolo kaMantshi eNew Hanover kuleli sonto.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...