Kuboshwe umfundisi wase-ZCC ngezokudlwengula

2016-12-10 08:10

Butterworth - Zimkhalele umfundisi webandla lase-Zionist Christian Church ngezinsolo zokudlwengula isiguli esineminyaka engu-18 ubudala okakumele asilaphe, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape ngoLwesihlanu.

Lo mfundisi, 43, usolwa ngokuya nalesi siguli ebhulohweni ngenhloso yokuyosigeza ngomuthi wokusilapha eButterworth, kusho ucaoptain Jackson Manatha.

Ngesikhathi besebhulohweni, kusolwa ukuthi wasithinta umphambili waso. Akekho omunye umuntu owayekhona endaweni yesigameko, kusho uManatha.

OLUNYE UDABA: Umfundisi ecaleni lokweba utshwala

Kubikwa ukuthi lo mfundisi wasihambisa ekhaya, waphinde wasilanda ngemuva kwemizuzwana esishiyile ekhaya. 

"Wasilanda isisulu, wahamba naso baya emjondolo oselokishini laseBika eButterworth, lapho asiyalela khona ukuthi asikhumule sibe nqunu.

"Lo mfundisi naye wakhumula. Isisulu saphinda sayalelwa ukuthi silale embhedeni. Sabe sesidlwengulwa wumsolwa."

Ngemuva kwalokho lo mfundisi wayigodukisa intombazane. Intombazane yafika ekhaya yabikela udadewabo ngokwenzekile.

Kwavulwa icala esiteshini samaphoyisa aseMsobomvu, umfundisi waboshwa ngoLwesihlanu ntambama. 

Lo mfundisi kulindeleke ukuba avele eNkntolo yeMantshi yaseButterworth ngoMsombuluko.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 6-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...