Kuboshwe umfelokazi kambhishobhi ngelokweba izigidi zamarandi

2017-04-09 13:29

Durban - Abhekene ngeziqu zamehlo amakhosikazi kaGlayton Modise owayengumbhishobhi webandla elikhulu i-International Pentecostal Holiness Church.

Unkosikazi wokuqala uMirriam wayelokhu evele njalo emaphepheni esola umnakwabo ngokuba wumakhwapheni oyisigebengu.

Lolu daba lwaze lwadluliselwa enkantolo ngesikhathi unkosikazi wesibili eshintsha izikhiye zomnyango womuzi kaMirriam futhi shintsha nezikhiye zefemu yabo.

“UPearl Nozipho Tafu wumakhwapheni owayethandana nomyeni wami, ngaze ngaya enkantolo ngiyothola incwadi ebanqabela ukuba abshade. Yize kunjalo uNozipho wayehamba etshela abantu ebandleni ukuthi bashadile futhi naye ungumfelokazi.

“Akagcinanga lapho kodwa washintsha izikhiye zomnyango wakwami lapho akwakukhona yonke ingcebo yami kanye neseyifu eyayinemali eningi, konke okusendlini kanye nemali kungenani lika-R5 million.

OLUNYE UDABA:Uthenjiswe umshado umfelokazi wowayengumethuli wezinhlelo

UMirriam uqhubeke wathi efemini kunamathuluzi awasebenzisela ukwenza imifaniswano yebandla yenani lika-R9 million.

Lo mfelokazi uthole nencwadi yenkantolo emgunyaza ukuba abuyele emzini wakhe nokuyikhaya elikhulu laleli bandla.

Abe-Sunday World bathole ukuthi abe-NPA babepheka unkosikazi wesibili ngemibuzo kodwa ngesonto elidlule bathatha isinqumo sokumubeka icalalokweba izigidi zamarandi.

Phezu kwalokho, uTafu uzobhekana namacala okugqekeza kanye nawokulimaza impahla

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Sunny. Mild. Pta: 6-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Sunny. Cool. Bloem: 0-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 10-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...