Kuboshwe 'umashonisa' obanjwe nenqwaba yamakhadi akwa-Sassa

2017-03-04 13:36

Johannesburg- Owesifazane obelekisa ngemali waseMatolesville eRoodepoort, eGoli uboshwe kwi-ATM yakwa-Absa edolobheni laseRoodepoort ngokutholakala namakhadi akwa-Sassa angu-46, imali engu-R12 748 nomazisi abangu-49 babantu, kusho i-SA Social Security Agency (Sassa).

"Lo wesifazane uqgunywe esiteshini samaphoyisa aseRoodepoort kanti kulindekeke ukuba avele ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yaseRoodepoort eseyofaka isicelo sebheyili," kusho isitatimende sakwa-Sassa.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele odayisa amakhadi akwa-Sassa

"Sinxusa umphakathi ukuba ugcine amakhadi awo akwa-Sassa endaweni ephephile, uphinde ugcine nama-pin awo eyimfihlo. Uphinde wazi ukuthi akukho emthethweni ukushiya ikhadi lakwa-Sassa nomashonisa uma befuna imali ebolekisayo."

 - African News Agency (ANA)

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Morning clouds. Cool. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-25°C Partly cloudy. Mild. PE: 16-23°C Scattered clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...