Kuboshwe umama osakaze ingane phansi ngekhanda yashona

2017-08-03 12:31

Johannesburg – Umama oneminyaka engu-35 ubudala uboshiwe ngezinsolo zokubulala usana lwakhe olunezinsuku eziyisikhombisa luzelwe eZebediela hospital, kusho amaphoyisa aseLimpopo ngoLwesine.

Uboshwe ngamaphoyisa eMagatle, ngaphandle kwaseLebowakgomo.

"Umsolwa wazalela ingane esibhedlela… ingane isagcinwe esibhedlela egunjini lezingane. Kuthiwa wangena egunjini lezingane kungathi uzoyincelisa,” kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Moatshe Ngoepe.

OLUNYE UDABA: Abazali baxoshe othisha esikoleni

"Kuthiwa wabamba ingane wayikhipha kwi-incubator wabe eseshaya unesi ngayo, waphinde wayishaya phansi ngekhandla.”

Ingane yafa ujuqu.

Umama kulindeleke ukuba avele eNkantolo kaMantshi eMagatle ngoLwesine ngecala lokubulala.

- ANA

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...