Kuboshwe umama nobaba ngokufa kwengane

2017-06-14 09:31

Cape Town – Umama kanye nobaba wengane yomfana enezinyanga ezingu-18 ubudala eshonile ngenxa yokulimala kabi ekhanda bazovela eNkantolo yeMantshi eKapa ngoLwesithathu, kusho amaphoyisa.

Owesilisa oneminyaka engu-26 ubudala ubhekene necala lokubulala, kanti unina wengane oneminyaka engu-30 ubudala uzobhekana namacala ngaphansi koMthetho weziNgane.

Laba baboshwe ngamaphoyisa ngoMsombuluko ngemuva kokuba kushone ingane eyiswe emtholampilo ilimele kabi ekhanda, kusho okhulumela amaphoyisa uSergeant Noloyiso Rwexana.

OLUNYE UDABA: Kuzofundiswa abesifazane izindlela zokuzivikela

Ngesikhathi ingane isishonile, izisebenzi zasemtholampilo zibize amaphoyisa.

Phambilini, isikhulu sethimba eliqapha umphakathi eKensington, uCheslyn Steenberg, uthe uyise wengane ongayizali uthe ingane ibinenkinga zokuphefumula, nokuthe ngesikhathi beya emtholampilo yawa, yalimala.

USteenberg uthe ingane ishonele eFactreton Clinic ngawo uMsombuluko.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...