Kuboshwe umama ngokuhlukunyezwa ngokocansi kwendodakazi

2017-02-26 15:30

Johannesburg – Kusukela ineminyaka engu-11 ubudala, intombazane kuthiwa yayiphoqwa ukuba yenze imikhuba yocansi ukuze unina ezoyithwebula izithombe azithumele kowesilisa eMelika.

Ngemuva kweminyaka emithathu, ingane, esineminyaka engu-14 ubudala, kanye nomfowabo,11 sebegcinwe ekhaya lezingane kulandela ukuthungatha okuqale eNorth Carolina eMelika kwaze kwaphohulwa eVredenburg eWestern Cape.

Ngesikhathi amalungu ophiko lweFamily Violence and Child Protection egasela emagcekeni aseVredenburg ngeledlule, shaqeke kabi ngabakutholile.

OLUNYE UDABA

Athe bekungokokuqala ebopha umama ngezinsolo zokusebenzisela ingane yakhe ukwenza imikhuba yocansi.

Abazali bentombazane kulindeleke babuyele enkantolo nokuyilapho kulindeleke khona ukuba bafake isicelo sebheyili.

Lezi zithandani zibhekene namacala ayishumi ahlobene nokudlwengula, ukuhlukumeza ngokocansi nokukhiqiza izithombe zocansi.

Ngaphambi kokuboshwa kwalezi zithandani, iziphathimandla zaseMelika zibophe owesilisa eCatawba County eNorth Carolina ngemuva kokutholakala nezithombe zocansi kumakhalekhukwhini wakhe.

 - Saturday Star

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More sun than clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Morning clouds. Mild. PE: 15-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...