Kuboshwe udokotela wezingane ngezinsolo zokunukubeza ngokocansi

2017-07-14 18:00

Cape Town – Abesifazane ababili sebevulele udokotela wezingane wase-East London icala ngezinsolo zokubanukubeza ngokocansi lapho esebenzela khona.

Le ndoda, eneminyaka engu-64 ubudala, ongeke lidalulwe igama layo ngenxa yamacala ebekwe wona, zimkhalele ngasekupheleni kukaMeyi ngemuva kokuthi laba besifazane bemvulele amacala esiteshini samaphoyisa esiseBeacon Bay.

Amaphoyisa ophiko lwe-Family violence, child protection and sexual offences, yiwo aphenya la macala, kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Nkosikho Mzuku ngoLwesihlanu.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe udokotela ngelokudlwengula isiguli

Laba besifazane abaneminyaka engu-23 no-26 ubudala, kukholakala ukuthi babehambele lo dokotela belethe izingane zabo ngesikhathi ebadlwengula.

Ngemuva kokuvela enkantolo, lo dokotela unikezwe ibheyili ka-R5 000.

Okhulumela iNational Prosecuting Authority, uTsepo Ndwalaza, uthe lo dokotela uvele enkantolo ngoLwesithathu.

Icala abhekene nalo libe selihlehliselwa inyanga ezayo ukuze kuqhubeke uphenyo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 20-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-23°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Rain showers. Cloudy. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...