Kuboshwe ubaba ngokutholakala kwesidumbu sengane esikhwameni

2017-07-23 10:32

Johannesburg – Owesilisa waseSoweto ubushiwe ngezinsolo zokubulala indodana yakhe.

Lo mlisa uyena owabikela amaphoyisa ngokulahleka kwale ngane enezinyanga ezingu-13 ubudala.

Ngokusho kwamaphoyisa le ngane yomfana yagcina ukubonakala ekhaya lakubo eJabulani ngoLwesithathu ebusuku.

Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Kay Makhubele uthi lobaba uthe lengane yebiwa ngowesimame acela ukuba amubambele ingane esayothenga ugwayi esitolo.

OLUNYE UDABA:WENA WAWUNGENZENJANI: Ngifuna abuye ubaba wengane yami

Lo baba uthi wabuya esitolo lo wesimame kanye nengane bengasekho.

Amaphoyisa athole isidumbu sengane ngemuva kwesitolo sakwaShoprite eZola.

Amaphoyisa athi kusolakala sengathi lobaba ubulale lengane wayifaka esikhwameni wayilahla emahlathini.

Kuthathwe lesi sikhwama nehembe kanye nebhayibheli le-Qur'an njengobufakazi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...