Kuboshwe ubaba nendodana ngelokuzama ukubulala

2018-02-26 07:31

Thohoyandou - Kuboshwe ubaba, 37, nendodana, 16 ngemuva kokuba indodana idubule yalimaza omunye umfundi esikoleni esiseduze naseThohoyandou ngesibhamu sayise okusolwa ukuthi asikho emthethweni, kusho amaphoyisa aseThohoyandou eLimpopo ngeSonto.

NgoLwesihlanu, leli bhungu kusolwa ukuthi likwazile ukuthatha isibhamu sayise laya naso esikoleni, kusho uBrigadier Motlafela Mojapelo.

"Leli bhungu libe selidubula omunye umfindi, 18, ngesikhathi kuqubuka ingxabano ngaphakathi esikoleni. Isigameko senzeka emathoyilethi esikole iDenga Tshivhase High, esisePhiphidi Village eThohoyandou.

OLUNYE UDABA:Umfundi udubule omunye esikoleni

"Lo mfana nobaba wakhe baboshelwe icala lokuzama ukubulala nokubeka budedengu isibhamu. Sekungezwe necala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu ngemuva kokuba kutholakale ukuthi ubaba akanazo izincwadi zaso.

"Laba bobabili kulindeleke ukuba bavele namuhla (ngoMsombuluko) eNkantolo yeMantshi yaseThohoyandou,' kusho uMojapelo.

Isibhamu sishaqwe ngamaphoyisa kanti futhi ayaphenya ukuthi ngabe singesikabani ngokusemthethweni nokuthi sesike sasebenza yini kwamanye amacala.

Isisulu siyalulama esibhedlela.



African News Agency

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...