Kuboshwe owesilisa oqhunyelwe iphasela abeyoliposa

2016-04-08 10:02

Durban –Owesilisa oneminyaka engu-31 ubudala izovela enkantolo ngemuva kokuthi kuqhume iphasela lakhe ngaphambi kokuba alipose, kubika iNewswatch.

Okhulumela amaphoyisa kwaZulu-Natal uShooz Magudulela uthe lo mlisa waboshwa ngemuva kokutholakala nemphasela elinamakhemikhali.

OLUNYE UDABA:Kusetshenziswe iziqhumane kuhlakazwa abafundi

“Leli phasela laqhuma ethi uyaliposa eposini elikwinxanxathela yezitolo eBerea Center eThekwini. Okwamanje akukaziwa ukuthi yini edale ukuba liqhume leli phasela,”kubika yena.

Okwamanje akwaziwa noma bakhona abalimele kanye nenhloso yalo mlisa ngaleli phasela njengoba amaphoyisa saphenya.

Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More clouds than sun. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...