Kuboshwe owesilisa onensimu yensangu kwakhe

2017-01-11 19:31

Cape Town – Amaphoyisa abophe owesilisa, 50, endaweni yase-Observatory ngemuva kokuthola ukuthi unensimu yensangu ekhaya lakhe.

Okhulumela amaphoyisa uKaputeni FC van Wyk uthe amaphoyisa ophiko lweWoodstock SAPS Crime Prevention Unit ngoMsombuluko ngomuzi okutshalwe kuwo insangu.

OLUNYE UDABA:Ushaywe ngoswazi oluncane umama obedayisa insangu

“Ngesikhathi amaphoyisa afika kulendawo, azithele phezu kwezinhlobonhlobo zensangu etshaliwe futhi kukhona nemishini yokukhiqiza izidakamizwa.”

Amaphoyisa ashaqe amasaka agcwele insangu,  kanye nezingilazi ezingu-37 ezigcwele izidakamizwa kwathathwa nemishini yokukhiqiza izidakamizwa.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 7-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-29°C Morning clouds. Warm. PE: 17-31°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...