Kuboshwe owesilisa kulandela ukubulawa kowesifazane

2018-02-04 13:32

Mthatha – Owesilisa ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngokubulala owesifazane obhokodwe ngommese washona eButterworth, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape ngeSonto.

"Lo wesifazane oneminyaka engu-24 ubudala ugwazwe ngoMgqibelo ngabo-02:00 eZingqayi Village, eButterworth," kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Jackson Manatha ngesitatimende.

"Umufi ugwazwe emzimbeni washonela khona lapho."

OLUNYE UDABA: Kuboshwe izingane ngokubulala uyise ngoba ethathe isithembu

Umsolwa oneminyaka engu-23 ubudala kubikwa ukuthi ubalekile endaweni yesigameko kepha waboshwa ngokuhamba kwesikhathi.

UManatha uthe okwamanje ayikaziwa imbangela yokubulawa kwalo wesifazane.

Umsolwa kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseButterworth ngoMsombuluko ngecala lokubulala.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...