Kuboshwe owesifazane ngelokukhwabanisa eLimpopo

2017-11-24 09:43

Johannesburg  - Iziphathimandla zivalele esitokisini isisebenzi sasesikhungweni sokuhla izimoto eLimpopo ngemuva kwezinsolo zokuzama ukufumbathisa iphoyisa ebelisebenza umshoshaphansi ngoLwesithathu.

Amaphoyisa ophiko loKlebe kanjalo naboMnyango wezokuThutha babophe owesifazane osolwa ngokuzama ukufumbathisa leli phoyisa  ngemali engu-R10 000.

OLUNYE UDABA:Awalungile athutha abafundi eGauteng - Umbiko

Lo wesifazane ucele ukubonana naleli phoyisa ngemuva kokuba lithole ukuthi isiteshi sokuhlola izimoto besilokhu sinikeza izimoto ezingekho esimeni sokuhamba emgwaqeni izitifiketi zokuhamba emgwaqeni ngaphandle kokuzihlola izimoto.

Okhulumela umnyango, uMatome Moremi, uthe uphenyo luqale ngemuva kokuba iphoyisa lomgwaqo ePolokwane libophe imoto endaweni yesigameko sengozi.

"Ngemuva kwesikhashana kutholakale ukuthi le moto yaphasiswa njengemoto ekulungele ukuhamba emgwaqeni yanikwa isitifiketi sokuthi ikulungele ukuhamba emgwaqeni."

Lo wesifazane uboshwe ngoKlebe ngelokukhwabanisa.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 14-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-24°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...